Ekhoneni lama Girls

Ekhoneni lama Girls Contact information, map and directions, contact form, opening hours, services, ratings, photos, videos and announcements from Ekhoneni lama Girls, Women's clothes shop, Durban.

please ngicela si follow leli page 🙏🙏
26/11/2025

please ngicela si follow leli page 🙏🙏

EZOKUNGCEBELEKAlishisa izikhotha ezinkundleni zokuxhumana ifilim yomlingisi nombhali kanye nomonqodisi wamafilimu uTyler...
09/06/2025

EZOKUNGCEBELEKA

lishisa izikhotha ezinkundleni zokuxhumana ifilim yomlingisi nombhali kanye nomonqodisi wamafilimu uTyler Perry lefilimu ikhishwe ezinsukwini ezimbalwa ezedlule ku Netflix lefilimu ikhuluma ngempilo owesifazane obonakala ebhekene nobunzima empilweni yakhe lona wesifazane ubekene nezinkinga eziningi ezibukeka zimehlela ngesikhathi esisodwa kuqala ngokuthi agulelwe yingane yakhe kuthi kusenjalo abe nenkinga ngokuhluleka ukukhokha imali yendawo aqashe kiyo kanti nasemsebenzini kubukeka izinto zingamhambeli kahle njengoba esenikwe ama warning amaningana ngenxa yokungakwazi ukwenza kahle umsebenzi wakhe ngokuhamba kwesikhathi iyashona ingane yakhe kodwa lo wesifazane akakholwa ukuthi ingane ishonile ulokhu eqhubekile nokufuna imali yokulapha ingane nokuyitholela usizo olungcono lokhu kugcina kumfake kwenkuku inkinga njengoba egcina exoshiwe emsebenzini kanti uzothi esahamba endleleni kube nephoyisa elishayisa imoyoyakhe kusenjalo uma efika eflethini ahlala kilo ufica izimpahla zakhe sezimhishelwe phandle ngoba akayikhokhile irent lokhu kumenze wadideka kakhulu lo wesifazane ngokomqondo ubuyela emsebenzini eyofuna ukukhokhelwa imali yezinsuku abesezisebenzile kodwa umphathi wakhe uyenqaba ukwenza lokho kusenjalo kungena izigebengu zizobamba inkunzi zifica lo wesifazane nomphathi wakhe besahilizisana ngendaba yemali abezoyifuna lona wesifazane uyazama ukulwa nezigebengu ngenhlanhla asinqobe esisodwa lesi esinye suyaphulukundlela sibaleke inkinga esinye sezigebengu sifake isigqebhezane esinegama lalo wesifazane nasemsebenzini okwenza umphathi akholwe ukuthi naye lo wesifazane uyingxenye yalelitulo lo wesifazane ugcina emdubulile umphathi njengoba bese sisele ngakuye isibhamu uthatha isheke ahambe aye ebange etozama ukulishintsha ufika ebhange acele bamshintshele kodwa baywnqaba okugcina ngokuthi abaphoqe ngokubakhomba ngesibhamu nakhu manje sesezithola esewumuntu orobha ibhange okwenza umphathi webhange abize amaphoyisa phela lo wesifazane kukholakala ukuthi uphethe ibhomu eskhwameni nokuyinto eyenza abasebenzi basebhange bathuke kakhulu bamnike yonke imali ekhona kodwa okuxakayo ukuthi uyayenqaba imali ufuna bamnike ebhalwe kaisheke kuphela nokuyinto eyenza kube nokudideka ukuthi kungani afune imali encane kanje uma ezorobha ibhange emveni kokungenelela kwamaphoyisa okugcina kuvelile ukuthi empeleni lo wesifazane akayena umuntu omubi abekwenza ubekwenza ngenxa yokuzamela indodakazi yakhe usizo umphathi webhange nelinye iphoyisa lesifazane yibo abama nalona wesifazane futhi abamkholwayo uma ethi akarobhi ibhange ubedinga imali ekwisheke kuphela ekugcineni lo wesifazane uthola ukuthi empeleni ingane yakhe le abethi uyizamela usizo ayisekho idlulile kuphetha ngokuthi athathwe amaphoyisa

19/05/2025
sawbona we admin msunuwenja awungibuzele kulezinja zabalandeli bakho namakhanda amakhulu ukuthi mangingajoyina lento yom...
25/04/2025

sawbona we admin msunuwenja awungibuzele kulezinja zabalandeli bakho namakhanda amakhulu ukuthi mangingajoyina lento yomjimo🏋️ngisangalunga yini noma ngiziqhubekele namabhiya vele amnandi kabi! shabhuke!

18/04/2025

NGAGANISWA NGIMNCANE NGOKWENKONZO MANJE ANGIMTHANDI LOMUNTU ENGASHADISWA NAYE

sawbona ngicela ungifihle ngiyintombazane ena 24 kshuthi ngakhethwa esontweni ngikhethwa umuntu ngokosiko lenkolo yasekhaya yakwashembe lomuntu wangikhetha ngina 16 kodwa ngoba ngangisafunda kwabe sekuthiwa akulindwe ngiqede isikole kuthe sengiqedile kwase kwenziwa ke konke wangilobola sashada naye ngalesosikhathi ngangina 18 ngabe sengiyohlala kubo ke ungikhetha nje lomuntu unengane ecishe lilingane nami nezinye cishe ziwu 5 sezizonke ingane zakhe ai ngahlala ke kubo kuthe ngokuhamba kwesikhathi cha! ngezwa ukuthi ai angimthandi ngempela lomuntu vele ngangingamthandi kwasekuqaleni ngathuliswa ukuthi nganginqena ukuphoxa abazali nje so inkinga enginayo manje ukuthi asemaningi amaphutha esengiwenzile ngiwenziswa yikho ukuthi vele angimthandi ngize ngagcina ngizitholela ishende eceleni ngikhuluma nje nginengane nalo kodwa lo engishade naye wazi ukuthi eyakhe kuyimanje ngikhulelwe eyesibili nayo eyeshende futhi manje lento isiqala ukungilimaza ngoba konke lokhu ngikwenze ngoba ngingamthandi lomuntu naye uyazi futhi ngoba mdala uyabona nje ukuthi alukho uthando ngyafisa ukuphuma kuye ngiziqhubekele neshende lami elingubabawezingane inkinga yikho ukuthi usezolimala emoyeni naye ngoba uzothola phela ngendaba yezingane kanti nabazali bami bazophoxeka kakhulu ikakhulukazi ngoba bangabantu abahlonishwayo nje emphakathini lomuntu ngikhuluma ngaye la una 56 engaba ubaba kimi manje angazi ngempela ngenzenjani makunje ngicela izeluleko please ningangijaji angikwenzanga ngamabomu engikwenzile

17/04/2025

🌧️🌧️🌧️🌧️🌧️

Ngicela uzolanda amacici akho Bbe angidlela ispace la endlini😪

16/04/2025

happy birthday S,ne ngeke ukuthi ngabe akekho umuntu owu S'ne ozalwayo bebangaka

14/04/2025

NGANQUMA IPIPI LENDODA NGITHOLA UKUTHI IYANGIFEBELA

sawbona ngifihle cc ngiwu cc ona 35 bengithandana nobhuti thizeni nje kusuka kudala sinengane embili Mina naye ngokuhamba kwesikhathi ngathola ukuthi uyangijolela lomuntu ngabekezela walokhu eqhubeka engijolela ekhulelisa namantombazane ngikhuluma nje nezingane ezintathu azikhulelise abantu sengikhona Mina ei ungihluphile lomuntu inkinga bekungavumi ngimale ngoba bengumthanda futhi sekuwuyena muntu ebese ngizinikele kuyena so last month ungitshele ukuthi lento yethu ayisasebenzi kumele sihlukane ei leyonto ingizwise ubuhlungu ngavele ngadinwa kuthe elele nje ebusuku ngavuka ngayothatha umese obukhali engangiwuthengile ngabuya ngazama ukumsika into yakhe yokuchama kodwa ke wavuka salwa lapho yebo walimala yena ngoba ngayisika kodwa ayanganqamuka ngikhuluma nje usanda kuphuma esibhedlela manje nginakho ukuzisola ngalento engayenza and ngiyabona manje ngingase ngiboshwe ngoba mhlambe uzoyingibophisa so ngicela imibono yenu

13/04/2025

UMAMA WAMI UTHANDANA NENDODA YAMI

ngiyintombazane ena 23 kshuthi ngonyaka odlule ngathamdana nobhuti thizeni intoyethu yabayinhle nje impela saphathana kahle nje kuthe emveni kwezinyanga eziwu 5 ngase ngithatha isinqumo sokuthi ngiyombonisa umamawami ngoba naye umama wayekewasho ukuthi Uma nginaye umuntu angimlethe ambone amazi ukuze noma kwenzeka noma yini azi ukuthi ubani ngithandana naye uzongifuna kuye ai ke amboneke umama ai futhi nje angabinankinga nalobhuti ona 27 yena siqhubeke nobhuti kuthe ngelinye ilanga a ngibuze umama ukuthi baphila impilo enjani kubowalomfana ngimchazele umama ukuthi cha abazona izigwili umndeni nje ophila impilo ejwayelekile nje ai kubengathi uyayizwa leyo kuthi ensukwini ezimbalwa ajike umama athi kumele ngihlukane nalomfana ngeke ngithandane nomuntu okuhlushekwayo kubo ngizame ukumcacisela umama ukuthi ngiyamthanda futhi akukhona ukuthi bayahlupha noma ngabe kunjalo anginankinga ai umama anqabe impela ashaye phansi ngonyawo athi ngeke ukhona umuntu amaziyo o ryt azongixhumanisa naye ai ke iqale inkinga ke manje umama selokhu engibuza ukuthi sesihlukene yini ubhuti lo angimtshelanga ngoba ngangenzela ukuthi angaphatheki kabi so kuye bengifika nje ngibe umuntu oryt kuhambe isikhathi sekuzophela unyaka ngagcina sengifihla umama uma ngiya kulobhuti laphoke umama ubengasezwa umshini ubeseke athathe ne phone yami abheke ukuthi zisekhona yini ithombe zakhe nama message sisasendelana yini nako whatsapp kanjalo nje umama ugcine esethi lomuntu mudala kunami lapho una 27 lobhuti ngina 23 Mina okshuthi ungishiya ngo 4 years kuthe ngokuhamba kwesikhathi ngabona naye lobhuti esenokuhudula inyawo nje mangifona ubesenokungayibambi engabuyeli nakimi ngibone ukuthi naye ai ngathi usehudula inyawo ngimbuze ukuthi kwenzenjani ai athi akunankinga axolise ngezinto azenzayo engingazithandi bengimfakela irtime ne data kodwa engangifoneli nakanye nje kuthe ngelinye ilanga ngiyofuna okuthize ekamelweni likamama ngazithela phezu..

part 2 uyalandela

13/04/2025

NGIFUNA UKUTHAKATHA UMAWENGANE YAMI part 2

so angikaze ngingabibikho as ubaba wengane angikaze nginyamalale bengihlale ngikhona ngizama ukumsiza nakulokhu nje ngo December ngamnika imali ngathi akathengele ingane impahla zokugqoka noma kwakungeyona imali enkulu ngoba njengoba ngisho nje bengingasebemzi bengizibambela amatoho ngithola o R100 ngosuku nakhona lapho mhlambe bengisebenza 3 or 2 days ngesonto kodwa nje lutho ukubona ingane kugcine sekungicacela ukuthi cha akafuni impela nengane into agcine eseyenza ubesengasafuni nokunginika ithombe zayo nje angiphathike eyokukhuluma nayo ingane angikaze ngikhulume nayo bengihlezi ngimcela ngithi ngicela ukukhuluma nengane athi uzongibhaza uma esekubo kodwa lutho ngifone athi use busy lutho ukubuya la engaphuma khona kuye yila engezwa khona voice note kshuthi wayeyisendela umngani wakhe kanti izoza kumina ngephutha so kule voice note wayetshela umngani wakhe ethi uzonginyisa ngeke ngize ngiyithole ingane waze wathi ngeke eyakhe ingane ize ekhaya ezindlini eziwayo wathi usazoyidla nje imali yami kodwa nje ingane angikhohlwe konke lokhu wayekutshela umnganiwakhe ke so ngayibona leyo voice note kanti uzoyideleta kodwa wayideleta sengiyilalelile so into engiyifunayo ngifuna ukumthakatha ngalento ebuhlungu angenze yona ngifuna inyanga ezongisiza nje nginazo ithombe zakhe ikhona nento yakhe yokugqoka eyasala la sisathandana angifuni afe ngifuna abhedelwe izinto nje amile amaqhuqhuva amakhulu ebusweni aphelewe umsebenzi ngakubo bamxoshe ngoba akukhona kubo nala ahlala khona uhlala ezihlotsheni konke nje kubhede impilo yakhe ibenzima okungiphula kakhulu umoya ukuthi wahlekisa ngekithi yiyo into engihlukumezayo so ngiyacela nje mina sengiyasebemza manje ngiwuthole ngo February umsebenzi osile kodwa ngifuna ukumfundisa abantu

13/04/2025

NGIFUNA UKUTHAKATHA UMAWENGANE YAMI

sawbona we admin ngiwumlisa nje ola ko 30 nginenkinga la mfethu ngidinga izeluleko nosizo lwenyanga engangithakathela umuntu nenhloso yokuziphindiselela ebuhlungwini angizwisa bona indaba ke okanje eminyakeni emibalwa edlule ngatholala no cc thizeni sathandana wakhulelwa kwaba yinto esheshayo nje futhi ukukhulelwa kwakhe ai saqhubekake sazwana kungenankinga nami ngisurpot as ubaba wengane ngangingasebenzike ngalesosikhathi kodwa bengizama be kuthi noma efuna ukuya e clinic ngimnike imali mhlambe u200 ahambe ayoxukuza nje ngizame nje ngingasebenzi nginjalo kwaze kwaba iyafika ingane nakhona lapho ngikhona ngimlekelela ngyakhumbula nje ngaze ngagcina ngixabana nomakhelwane ngoba ngangiboleke imali kuye ngifuna ukunika yena umawengane lo ngagcina ngidayisa nezinto zami nje nganginazo njalo maywfuna imali mhlambe efuna ukuyisa ingane eclinic bengzama nasekhaya ke benginika okuncane ukuthi ngimnike phela ai siqhubeke isikhathi kushukuthi wateta ekubo ngoba kuthe ukuqhela kunasekhaya kubo ebese ngicela ukubona ingane cishe yayinenyanga ezila ko 6 ngalesosikhathi ngithi akeze nayo ekhaya ngizomnika imali ai avume kodwa wagcina engafikanga wathi kubo banqabile ngadideka ukuthi banqaba kanjani ukuthi ingane iyobona kubo lomuntu engikhulume ngaye uvele unazo ingane ezimbili ezindala ai sihambe isikhathi ngilokhu engicela ukubona ingane kungezeki yebo wangisendela ithombe zayo isencane isanda kuzwala nama video yona ikhona ingane ngine sure yalokho kuthe kugcina ngagcina ngicela ukuyoyobona ngakubo ngoba engathi kunzima ukuthi eze nayo ngapha avume ngigibele mangifika etown langakuboesasizohlangani khona athi ingane ayophilile so ngeke akwazi ukuza nayo etown ngixakeke ke manje ukuthi ubengashongani ai athi uzoza nayo ekhaya uma isingcono ngizame ukumncenga ukuthi akeze phela ai aqale ezinye itory so ingane ngigcine ngingakaze ngiyibona sigcine sesihlukana Mina naye kodwa elokhu eyifuna imali yengane ngimnike nami ngizame
Part 2 uyalandela

Address

Durban

Website

Alerts

Be the first to know and let us send you an email when Ekhoneni lama Girls posts news and promotions. Your email address will not be used for any other purpose, and you can unsubscribe at any time.

Share